Ukudobela ukuzilibazisa wokuthi abantu bahambe bayodoba izinhlanzi emanzini angewona ase South Africa bengaqonde ukuzithengisa. Ukuze ungenise izinhlanzi ezivela kwamanye amazwe uzingenisela ukuzilibazisa kuphela, kumele ufake isicelo sephomedi yokwenze njalo esikhishwa yigatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Izinhlanzi ezilandwe kwamanye amazwe okufanele zithengiswe kodwa kumele abantu bazidlele bona. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi angenise izinhlanzi zakwamanye amazwe ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angewona ase South Africa uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.
Abantu abavunyelwe ukuthi beze nezinhlanzi eziphilayo.
Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.
Ukufaka isicelo sephomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angewona ase South Africa yokuthi abantu bazidlele nje ngu R120.
Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.
